Inothisi yokuzalwa kumele inikezwe abazali noma umnakekekeli osemthethweni, kanti uma umzali noma abazali bengakwazi ukwenza lokho, umuntu ocelwe ngomunye wabazali noma umnakekeli osemthethweni anganikeza inothisi.
Fakela inothisi yokuzalwa kwifomu le-BI-24 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya.
Umuntu ocelwe ukuth anikeze inothisi kumele abe nelungelo lokuthunywa elibhaliwe, okumele libandakanye izizathu zokuthi kungani abazali bengakwazi ukunikeza inothisi ngokwabo.
Uma ingane izalwe ngaphandle kweNingizimu Afrika kanti omunye wabazali eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngesikhathi sokuzalwa kwengane, ukuzalwa kungafakelwa inothisi yakho kwiNxusa, iConsulate noma kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika.
Kwinothisi yokuzalwa enikezwa ngemuva kwezinsuku ezingu-30, kodwa ngaphambi kokuba ingane iqede unyaka, abazali noma umnakekeli osemthethweni kumele banikeze izizathu zokuthi kungani bengabhalisanga ezinsukwini ezingu-30 njengoba kudingwe wumthetho.
Uma abazali bengashadile nakhona befisa ukubhalisa ingane ngaphansi kwesibongo sikababa, ubaba kumele amukele ukuthi nguyena ubaba wayo , kwisikhala esibekelwe loko kwiFomu lokubhalisa ukuzalwa. Ubaba kumele abekhona lapho kubhaliswa ukuzalwa.
Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili ukuya kwangu-12.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
